Offline
READ RHAPSODY Today's Devotional in zulu
AMAZWI NESENZO
By King Joe Kima
Published on 27/05/2025 05:28 • Updated 04/07/2025 07:17
Rhapsody of Realities

IGUNYA ELIYIQINISO LISEZANDLENI ZIKANKULUNKULU NEBANDLA LAKHE

Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi, umbuso wakho uyakuqina kuwe lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa (uDaniyeli 4:26).

I Bhayibheli, encwadini kaDaniyeli, isahluko sesi-4, lisitshela ukuthi wenza kanjani uNebuchadnezzar ngesikhathi ehlushwa yiphupho kanzima. Kulelo phupho, wabona isihlahla esihle esakhula kakhulu futhi sinamandla, sinikeza umthunzi Kanye nokudla kuyo yonke indalo. Khona manjalo ingelosi yathumela umlayezo wokuthi leso sihlahla sinqunywe, kwasala kuphela isiqu saso esasinensimbi nethusi. Leli phupho layihlupha kakhulu inkosi yaze yabiza uDaniyeli, umprofethi kaNkulunkulu, ukuba azolichaza.

UDaniyeli wembula ukuthi leso sihlahla sisho inkosi uqobo lwayo, izokwehliswa kulokhu kuphakama kokuzazisa kwayo, ithotshiswe ize ivume ukuthi "...amazulu yiwona abusayo" (uDaniyeli 4:26). Emva konyaka, inkosi ingaguqukile, uNebuchadnezzar wahlanya; iminyaka eyisikhombisa, waphila njengesilwane, udla utshani, ebhonga emahlathini.

Ngokuka-Daniyeli 4:17, lo mthetho wavela "kubalindi": "Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike abamthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu." "Abalindi" kuqondwe izingelosi, ezibekiwe ukuqaphela izimo emhlabeni. Ngegunya elibekwe ngentando kaNkulunkulu. 

UNebuchadnezzar wayecabanga ukuthi uphethe izwe, kwaze kwaba uyaqonda ukuthi kuphethe amazulu lapha. Kusenjalo nanamuhla. Labo abacindezela abanye, bezenza onkulunkulu ngokuqhoqhobala phezu kwezizwe, bayakhohlwa wukuthi igunya leqiniso lilele kuNkulunkulu Kanye nombuso wakhe wasezulwini. Onke amandla aseNkosini, Kanye nabasemagunyeni emhlabeni, okuyiBandla lakhe: “UJesu weza wakhuluma nabo kanje, Onke amandla ngiwaphiwe ezulwini nasemhlabeni” (ngokukaMathewu 28:18).

Siphoqelela intando kaNkulunkulu wethu lapha emhlabeni wethu: “Asebenza ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngesokunene sakhe ezulwini. Ngaphezu kwakho konke ukubusa, neguna, namandla nobukhosi namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo” (kwabase-Efesu 1:20-23 MSG). Hallelujah! 

UMKHULEKO

Baba Othandekayo, ngiyabonga ngesiqinisekiso sokubusa kwamazulu nokuthi wonke lawo mandla angawakho. Kuyangithokozisa kakhulu ukwazi ukuthi yonke imibuso yaleli zwe iyokukhothama ebukhosini bukaJesu Kristu. Niaqinisekisa ukuthi intando nenjongo yakho kuyabusa phezu kwezizwe, kanti negunya lakho liyabusa ngamandla eGameni likaJesu. Amen.

UKUFUNDA OKUNGEZELELWE:

AmaHubo 103:19; UDaniyeli 7:13-14; NgokukaMathewu 28:18-19

IPULANI LOKUFUNDA IBHAYIBHELI UNYAKA OWODWA

IzEnzo 17:1-15 & UJobe 3-5

IPULANI LOKUFUNDA IBHAYIBHELI IMINYAKA EMIBILI

NgokukaLuka 6:31-38 & UDuteronomi 32

Comments
Comment sent successfully!